Angikutholanga okugculisayo emhlabeni owomile Lana konke ukwenza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya Ngiyavuma wonke ubani uyisiqhinge Kanjalo ke kolunga ngishiye umhlaba nginikele khona olwandle Yize ngizamile ngakho komke okusemandleni ami Noma izingqinamba namaqhinga alo mhlaba Engikhafulela ngaphandle kolwandle, O he, nina bo Matilosi Iphupho lami beliwuku linda imikhumbi Bonke abasemhlabeni bayalithanda igolide Nendlela abahamba ngayo ikhanyiselwa ilona Kukhona omatilosi ekujuleni kolwandle Bona abathokozela ukuthitha isikhathi sabo elangeni Yise ngizamile ngakho konke okusemandleni ami Ngazama nokumelana nezingqinamba namaqhinga alo mhlaba Ngithatheni ningise khona olwandle, O he, nina bo Matilose Iphupho lenhliziyo yami ukuba umantshingelane wemikhumbi Niyazi ukuthi ababili bangakwenzwa obekungenziwe oyedwa Futhi njalo bathole umvuzo obafanele ngomsebenzi wabo Okuhle nokubi okuza kubona bahlulelana phakathi Ngiyokuvuma lokhu nakumuphi umsebenzi onzima nokuhlungu Yize ngizamile ngakho konke okusemandleni ami Ngazama nokumelana nezingqinamba namaqhinga alo mhlaba Ngithatheni ningise olwandle, o we nina bo Matilose Iphupho lenhliziyo yami ukuba umantshingelane wemikhumbi
© Gcina Mhlope. Elihunyushwe, 2015