Akusho lutho ukuthi uyisipikili noma uyisando Akusho lutho ukuthi umsebenzi owenzayo uyaphelelwa Akusho lutho ukuthi wake wachitha iminyaka ejele Wena nje bonga ukuthi usaphila! Pho kunani ukuthi umngani odlala nawe amakhadi ushonile? Pho kunani uma isithandwa sakho sikuqambele amanga? Pho unandabani ukuthi bakuphoxile bakwenza isilima? Wena bonga nje ukuthi usaphila!         Ungakhathazeki uma ubhuqwa umzwangedwa Ungakhathazeki uma ukhahlele indlu yezinyosi Ungakhathazwa ukuthi usulele isihlwathi esibhedlele Wena bonga nje ukuthi usaphila! Akulutho noma sekushabalele usuhlezi dekle othulini Akulutho noma izinkinga zikhula zidlondlobala Akulutho noma okwakho kukukhulu ngokweqile Wena bonga nge ukuthi usaphila!         Kuyiqiniso ukuthi kumele ngibhekane namaphutha ami Kuyiqiniso ukuthi imina okhetha indlela engishayela kuyo Impela, kuyiqiniso! kepha umoya wami okhathazekile uyamangala: Ngubani yena lo ekumele ngimbonge ngokuthi nje ngisaphila?                
© Gcina Mhlope. Elihunyushwe, 2015